Mnqobi Nxumalo – Isicelo (The Plea)
Isicelo (The Plea) by Mnqobi Nxumalo Mp3 Download
Download this track from Mnqobi Nxumalo titled Isicelo (The Plea). Use the link below to stream and download this song.
Isicelo (The Plea) by Mnqobi Nxumalo
Nkosi emile yodwa
Siqu sempilo yami
Sifikil’isikhathi, sokuza kuwe
Macebo aphelile
Kwazi kwam kufishane
Zanobuchule bakho, ungisize
Ngidukil’endleleni
Kade ngiphambukile
Se ungibuyisele
Ngiyihambe
Zange kubeyinhloso
Kuphikisana nawe
Ngisakuthanda baba
Ngihaw’kele
Ngimvumelil’omubi,
Angisuse endaweni,
Othe angibekuyo,
Uz’ubuye
Akuhambi ngendlela
Ebengiyicabanga
Ngibonise eyakho
Uz’ubuye.
Hluza ingqondo yami
Thambisa nenhliziyo
Ngilazi izwi lakho, futhi ngenze
Ngifun’ukuhanjelwa
Ngumoya wakho ongcwele
Thulula ungaphezi
Kwand’ukholo.
Ngiyalangazelela
Ukuphelela kuwe
Ngobambelela kuze
Ungilande.
Ngiphe ubuhlakani
Kanye namandl’amasha
Qondise yam’indlela
Uz’ungilande.